
Owayengumfundi Ukhangisa Kwi-London Fashion Show
Click here for English version
Owayengumfundi waseKolishi lezesiNtu, uNks Xia Narain - owake wafinyelela kowamanqamu ku-Miss South Africa wangowezi-2019 nowangenela i-Bachelor SA, uvale umcimbi kwi-Burberry Ready To Wear Fall 2020 collection yakulo nyaka kwi-London Fashion Week.
U-Narain, oshiyelene inkundla nosaziwayo bonobuhle uthe: ‘Ngibonge kakhulu. Ngiyabonga Burberry ngokungenza omunye wonobuhle benu nokwenza ukuthi ngivale umcimbi. Kube ngolunye lwezinsuku ezikhethekile.’
Njengoba ebekhethwe konobuhle abangama-108, nguye yena kuphela eNingizimu Afrika oseke wavala umcimbi. U-Narain ubegqoke ingubo yesiliva ebigqiza ngobukhazikhazi bemihlobiso eyenziwe yiciko elikhulu lase-Burberry u-Riccardo Tisci.
U-Narain uthe umangazwe ukwesekwa akuthole ekhaya. ‘Kwenza ngiziqhenye ngokuba ngumuntu waseNingizimu Afrika, okwazile ukumela kahle izwe kule ndima,’ kusho yena.
U-Narain unomdwebo kayisemkhulu engalweni yakhe yesobunxele, kanti uwuthinta njalo ngaphambi kokuthi angene nakunoma isiphi isiteji.
Unezinhlelo zokuqhuba izifundo zakhe kwenzengqondo kanti wethemba ukuthi ikusasa lakhe liqhakazile.
Amagama: ngu-Melissa Mungroo
Isithombe: ngu-Richard Isaac